1 Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!”
2 UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,
4 bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”
5 Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.