11 Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
12 “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
13 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14 “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona -- ofundayo makaqaphele -- khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
15 ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,
16 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
17 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!