5 Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.
6 Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.
7 Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.
9 “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
10 Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.
11 Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.