4 Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na?
5 Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.
6 Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.
7 Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.
8 Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.
9 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
10 UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo.