62 Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
63 Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na?
64 Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.
65 Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.
66 UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,
67 yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.”
68 Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude.