1 Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
2 UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”
3 Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
4 UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”
5 Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
6 Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7 Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.