21 Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.
22 Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda.
23 Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga.
24 Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.
25 Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.
26 Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA.
27 Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.