3 Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
4 UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”
5 Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
6 Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7 Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
8 Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
9 Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”