31 Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena.
32 UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.
33 Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
35 Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.”
36 Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”
37 UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.