6 Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7 Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
8 Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
9 Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
10 Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
11 Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
12 UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”