9 Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
10 Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
11 Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
12 UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”
13 Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
14 Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
15 Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.