1 Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.
2 Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.
3 Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”
4 Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.