11 Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
12 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.
13 Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.
14 Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,
15 babe namandla okukhipha amademoni.
16 Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,
17 noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;