10 Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.
11 Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.
12 Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”
13 Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.
14 Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.
15 Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba.
16 Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.