23 wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”
24 Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.
25 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,
26 ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,
27 esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,
28 ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”
29 Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.