38 Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.
39 Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”
40 Bamhleka usulu.Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.
41 Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”
42 Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.
43 Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.