5 Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.
6 Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;
7 wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
8 Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”
9 Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?”Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.”
10 Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.
11 Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.