19 Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla,
20 ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.
21 Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,
22 kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.”
23 Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”
24 Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
25 Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”