33 Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela.
34 Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
35 Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile;
36 bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
37 Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”
38 Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39 Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.