38 Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39 Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.
40 Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu.
41 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.
42 Badla bonke, basutha.
43 Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi.
44 Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.