49 Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala.
50 Ngokuba bonke bambona, bethuka.Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
51 Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
52 Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
53 Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini.
54 Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane.
55 Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.