8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni,
9 kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili.
10 Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona.
11 Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”
12 Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.
13 Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.
14 Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.