16 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
17 Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.
18 Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?
19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”
20 Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu;
21 ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,
22 nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula.