4 nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi --
5 abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”
6 Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,kepha inhliziyo yaso ikude nami;
7 kodwa bangikhonza ngezebefundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8 “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
9 Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.
10 Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’