12 Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”
13 Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
14 Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.
15 Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”
16 Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.
17 UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na?
18 Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini