6 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku.
7 Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.
8 Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa.
9 Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa.
10 Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.
11 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.
12 Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”