14 Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.
15 Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.
16 Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”
17 Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu.
18 Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
19 Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”
20 Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.