29 Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
30 Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,
31 ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”
32 Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.
33 Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?”
34 Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35 Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”