40 Ngokuba ongamelene nathi ungakithi.
41 Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
42 Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.
43 Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili,
44 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.
45 Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,
46 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.