9 Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.
10 Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.
11 Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”
12 Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?
13 Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”
14 Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.
15 Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.