18 Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.”
19 Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye.
20 Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.”Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”
21 Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.