13 Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.
14 Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Nike naya ngaphi na?”Wathi: “Besiye kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.”
15 Uyisekazi kaSawule wathi: “Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?”
16 USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.
17 USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;
18 wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’
19 kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”