1 Usamuweli 21 ZUL59

UDavide ukumpristi u-Ahimeleki eNobi. Ubaleka aye ku-Akhishi

1 UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?”

2 UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.

3 Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.”

4 Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.”

5 UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.”

6 Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.

7 Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

8 UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”

9 Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.”UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”

10 Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati.

11 Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”

12 UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati.

13 Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.

14 U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?

15 Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31