22 Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.
23 Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.
24 Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.
25 Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”