13 USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
14 Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”
15 USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.
16 OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.
17 Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;
18 esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.
19 Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.”