16 OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi.
17 Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;
18 esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.
19 Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.”
20 Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti, kwaba yilowo nalowo ukuba alole umese wakhe, nempumulo yakhe, nembazo yakhe, nesikela lakhe;
21 imali yayiyipimi* ngezimpumulo nangezimfoloko, nenxenye yesithathu yeshekeli* ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.
22 Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.