17 USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.
18 USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.
19 Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: “Susa isandla sakho.”
20 USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.
21 AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani.
22 Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.
23 UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.