27 Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.
28 Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: “Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: ‘Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla.’ Abantu babephelile amandla.”
29 Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.
30 Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?”
31 Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.
32 Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.
33 Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.”Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”