29 Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.
30 Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?”
31 Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu.
32 Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.
33 Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.”Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”
34 Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona.
35 USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.