18 UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’
19 Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”
20 USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.
21 Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”
22 USamuweli wathi:“UJehova uyenamela yiniiminikelo yokushiswa nemihlatshelo,njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”
24 USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.