2 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.
3 Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”
4 USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda.
5 USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini.
6 USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.
7 USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.
8 Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.