22 USamuweli wathi:“UJehova uyenamela yiniiminikelo yokushiswa nemihlatshelo,njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.
23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”
24 USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.
25 Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”
26 USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”
27 USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.
28 USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.