20 UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.
21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe.
22 USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”
23 Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu,* walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.