33 USawule wathi kuDavide: “Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.”
34 UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise; lapho kwafika ingonyama nebhere* kwathatha imvu emhlambini,
35 ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.
36 Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”
37 UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.”USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”
38 USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.
39 UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula.