51 Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
52 Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase-Ekroni.
53 Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo.
54 UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.
55 Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?”U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”
56 Yayisithi inkosi: “Buza wena ukuthi iyindodana kabani le nsizwa.”
57 UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.