8 USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”
9 USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.
10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.
11 USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.
12 USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.
13 Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.
14 UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.