1 USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.
2 UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;
3 ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.”
4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;