19 Futhi unina wamenzela ijazana, waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.
20 U-Eli wabusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona.” Base bebuyela ekhaya.
21 UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.
22 U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.
23 Wathi kuwo: “Nenzelani izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu.
24 Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova.
25 Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.