14 Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela,
15 kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.”
16 UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.
17 UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.
18 UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze.
19 Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.
20 Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo.