20 Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo.
21 Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.
22 Kepha uma ngithi kanje kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho,’ hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.
23 Namaqondana nendaba esikhulume ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube phakade.”
24 UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.
25 Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.
26 Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”